Ngeke wawina konke - Pitso Mosimane

2017-05-18 09:31

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uzame ukufihla ubuhlungu benhliziyo ngemuva kokuba iBidvest Wits ithathe isicoco seligi ngoLwesithathu.

Amathemba amaBrazilians okuba kucace ngelanga lokugcina ukuthi ubani ozothatha isicoco seligi ashabalele ngemuva kokuba edlale ngokulingana [2-2] neMaritzburg United, ngesikhathi iBidvest Wits yona iguqisa iPolokwane City ngo-2-0.

ISundowns ibilandela emuva ngo-2-0 yagcina ikwazile ukufaka amagoli amabili usuzophela umdlalo, kodwa lokho kwangayisiza njengoba isilandela iWits ngamaphuzu amane ekubeni sekusele umdlalo owodwa.

“Bekungesona esethu isicoco. Kumele sikwamukele lokho,” kusho uMosimane etshela iSuperSport ngemuva komdlalo.

OLUNYE UDABA: IDowns ithi abayo abadlali ababolekiswe kuWits

“Kumele uyibongele iWits. Isebenze kahle kakhulu, kuyifanele ukuthatha inkomishi.

UMosimane uncome iqembu lakhe ngemuva kokuba likwazile ukulinganisa ekubeni kade lilandela emuva ngo-2-0.

Uphinde wathi: “Igoli lesibili [lokulinganisa] belibalulekile kakhulu kithina ukuze sizibeke ethubeni elihle lokuqeda sisendaweni yesibili singene kwi-Champions League.

UMosomane uthi okumjabulise kakhulu yindlela abalandeli ebebelokhu becula ngayo umdlalo wonke, wathi kodwa: “Ngeke wawina konke.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...