Ngeke ngilinde ukuxoshwa, ngizozihambela - Baxter

2017-11-11 11:03

Johannesburg - UStuart Baxter uthi uzokwehla esikhundleni sokuqeqesha iBafana Bafana uma behluleka ukuya kwi-Africa Cup of Nations 2019 (Afcon).

UBaxter ungaphansi kwenkulu ingcindezi ngemuva kokwehluleka ukuthola indawo kweyeNdebeyo Mhlana ka-2018, kulandela ukushaywa yiSenegal ngo-2-0 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.

IBafana yehlula iNigeria ngo-2-0 emdlalweni wokuqala kweyokuhlungela imidlalo ye-Afcon ngoJuni kanti izobe ifuna ukuthola indawo okokuqala selokhu yagcina ngo-2015. 

UBaxter uthe ngokwazi kwakhe wayeyalelwe ukuba aye emidlalweni yeNdebe yoMhlaba nakweye-Afcon, kodwa futhi lokho akubhaliwe phansi.

OLUNYE UDABA: Kuzoqala uKhune emapalini koweBafana neSenegal

Uthi watshelwa ukuthi kungakuhle aye kuyona yombili le miqhudelwano, kodwa futhi akushiwongo ukuthi uma ehluleka ukuya kweyeNdebe yoMhlaba kuzomele ahambe.

“Nakuba kunjalo, ngiyazi njengomqeqeshi ukuthi uma ngithwale kanzima kweyokuhlungela imidlalo yeNdebe yoMhlaba, kwafana futhi nakweye-Afcon, kuzomele ngihambe, akudingeki ukuba ngihlale ngilinde ukuxoshwa”.

UBaxter uvumile ukuthi ukwehlulwa yiCape Verde yikhona okwenzeke phansi iBafana.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...