Ngeke lubuyele ehlathini uSuthu - Nomvethe

2017-07-26 14:00

Johannesburg - Inkakha yomgadli, uSiyabonga Nomvethe, ithi inesiqiniseko sokuthi AmaZulu ngeke adliwe yizembe.

USuthu, oluqede lulele endaweni yesihlanu kwi-NFD ngesizini edlule, luthenge iThada Royal Zulu ukuze luzobuyela kwi-PSL.

Umbuzo omkhulu owokuthi AmaZulu angakwazi yini ukwenza kahle kwi-PSL ekubeni ehlulekile ku-NFD.

UBhele phambilini wagawulwa yizembe neMoroka Swallows ngesizini ka-2014/2015, ngakho akafuni lokho kumphinde futhi.

“AmaZulu ngeke adliwe yizembe, ngifuna ukucacisela wonke umuntu lokho,” kusho lo mgadli.

OLUNYE UDABA: Kuzoqala isizini iPirates isinomqeqeshi omusha - Umbiko

“Uma nje ngisadlala, ngeke badliwe yizembe. Nginesiqiniseko salokho. Abalandeli kumele baphume ngobuningi babo beze ezinkundleni futhi akumele sahlulelwe ngomidlalo efana nalo (ekhuluma ngokwehlulwa kwabo uThongathi FC kwi-KZN Premier's Cup ngoMgqibelo). Kusalungiselelwa ukuqala kwesizini, amaqembu asazama ukwakha.”

Lo mdlali oneminyaka engu-39 ubudala, ozobe engomdala kunabobonke ku-PSL ngesizini ezayo, uphinde wathi usekhathele ukubuzwa ukuthi amakhokho uwabeka nini ethala.

“Angazi okwangempela ukuthi ngizowuthatha nini umhlalaphansi. Kuzobonakala ukuthi ngabe imilenze yami isavuma yini ukubhekana nengcindezi ye-PSL.”

- KickOff.com

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...