Ngabe unozinti weChiefs uyayishiya le kilabhu?

2017-10-31 16:00

Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo, ungumdlali wakamuva ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzwakalisa ukuthi angase ayishiye le kilabhu.

Ngo-Agasti uGeorge Lebese wabhala enkundleni yezokuxhumana uTwitter eveza ukuthi unesifiso sokudlala ibhola nokuthola ijezi, akukhathalekile ukuthi ugqoke liphi ijezi.

Lo mdlali wasesiswini usewashiyile AmaKhosi wayojoyina iMamelodi Sundowns.

Manje sekunguKhuzwayo osebhale kuTwitter ezwakalisa ukungagculiseki kwakhe njengoba eselizwa ngendaba ijezi kule kilabhu yaseNaturena.

OLUNYE UDABA:Unozinti weBaroka unethemba lokubuya nendondo eLondon namhlanje

"Kwesinye isikhathi ukuzikhandla akwanele uma ungekho esithombeni," kubhala uKhuzwayo kuTwitter.

Njengombiko wePhakaaathi waphambilini, iCape Town City itshengisa intshisekelo ngoKhuzwayo.

Inkontileka yalo nozinti kulindeleke ukuba iphelelwe yisikhathi ekupheleni kwesizini kanti kuthiwa usezingxoxweni zokuvuselela inkontileka neChiefs.

 - Twitter:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...