Ngabe iTheku lizolahlekelwa imidlalo yamaCommonwealth?

2017-02-28 18:00

Cape TownUNgqongqoshe wezemiDlalo, uFikile Mbalula, ngoLwesibili uthe idolobha iTheku lingase lilahlekelwe yithuba lokusingatha imidlalo yomuqhudelwano wama-2022 Commonwealth Games ngenxa yezinselelo zezindleko.

OLUNYE UDABA: ITheku lingase lilahlekelwe yimidlalo yama-Commonwealth ngo-2022

NgoDisemba ngonyaka odlule, izikhulu zaseNingizimu Afrika zathi “zisazibophezele ngokugcwele” ekusingatheni le midlalo phezu kokuhluleka ukuhlangabezana nokudingekayo uma kuzosingathwa le midlalo.

ITheku kwaba yilona kuphela idolobha okwaqinisekiswa ukuthi lizongenela umbango wokusingatha le midlalo ngemuva kokuthi idolobha i-Edmonton yaseCanada lahoxa.

UNgqongqoshe uphinde wafaka lesi sitatimende enkundleni yezokuxhumana uTwitter, eveza ukuthi elakuleli likulungele ukusingatha le midlalo.

Kulesi sitatimende kuvela nokuthi izingxoxo zisaqhubeka mayelana nale midlalo.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...