Namanje usagcwele amathafa uNxumalo - Ertugral

2018-02-03 13:34

Cape Town - Yize evuliwe amasango ukuba uPrince Nxumalo abuyele kwi-Ajax Cape Town, lo mgadli namanje usanyamalele ngaphandle kokuthatha ikhefu elisemthethweni, kusho umqeqeshi uMuhsin Ertugral

UNxumalo wanyamalala ikilabhu isaqeqeshwa nguStanley Menzo kanti wagcina ukubonakala enkundleni ngoNovemba. 

Ngesikhathi u-Ertugral efika kwi-Ajax wazwakalisa ukuthi angathanda ukuthi anikeze lo mdlali isiqalo esisha uma etshengisa ukuthi uzimisele ngokudlala kanjalo nokubuyela ekhempini.

Kepha lokho akuzange kwenzeke, kanti njengoba newindi lokuthengiselana ngabadlali likaJanuwari selivaliwe, ikusasa likaNxumalo libukeka limfiliba. 

OLUNYE UDABA: UKekana noNxumalo eqenjini likaMashaba

"Usihlalo wethu wabamba umhlangano naye," kusho u-Ertugral etshela iKickOff. "Ngokwazi kwami, kumele abuye azokhulumisana nami. Ngisalindile namanje.

"Mina ngafika ngizoqeqesha ikilabhu evele engasekho. Angazi kuqhubekani ngaye, ngiyazi kodwa ukuthi alukho olubi esalwenza, ngakho ngicabanga ukuthi kumele abuye azoxoxisana nami.

"Okwamanje angimazi ukuthi ukuziphi izinkalo. Usaqhubeka nokuhola," esho.

Njengoba uTashrique Morris kanye nabadlali abasha oYannick Zakri, Tendai Ndoro, Samuel Julies noFagrie Lakay bonke bebanga ijezi, ngeke kube lula ukuthi uNxumalo athi uma ebuya athole ithuba lokuqala umdlalo.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...