'Nabadlali kumele bayizwe ingcindezi ngokungenzi kahle kweChiefs'

2017-12-09 12:07

Johannesburg - IKaizer Chiefs izothola ithuba lokujika izinto eRoyal Bafokeng Stadium kule mpelasonto, ngemuva kokushaywa yiChippa United maphakathi nesonto. 

Ngemuva kokushaywa ngo- 1-0 bedlala neChippa ngoLwesithathu, Amakhosi azobe efuna ukuthola umphumela ongcono uma esebhekene nePlatinum Stars namhlanje ebusuku.

Umqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela, ungaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba abalandeli bekilabhu yakhe befuna ukuwina.

OLUNYE UDABA: Yini emangazayo ngokwehlulwa kweChiefs? 

Lowo owayengumdlali wasemuva kwiChiefs, uRodney ‘Danger’ Thobejane, uthi abadlali nabo kumele benze okuthile ukuguqula isimo elibhekele naso ikilabhu. 

“Ibhola umdlalo weqembu. Njengoba imiphumela ingemihle, abadlali kumele bayizwe nabo ingcindezi.

“Ngiyayibona kancane kubona ngoba uma ulokhu ufuna ukuwina ugcina usuxhamazela nokwenza kwesinye isikhathi ugcine ungayitholi imiphumela.

“IChiefs kudingeke ingatatazeli ukuze ifake amagoli,” kusho uThobejane. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...