Mosimane: Isicoco seligi sibaluleke ngaphezu kweseNedbank Cup

2018-04-23 12:32

Johannesburg - Kulandela ukukhishwa emqhudelwaneni weNedbank Cup, umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi isicoco se-Absa Premiership yisona esibaluleke kakhulu.

Abafana bakaMosimane behlulwe ngo-3-1 nakuba bebehamba phambili ngesikhathi bedlala neMaritzburg United kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eHarry Gwala Stadium ngeSonto.

Umdlali weDowns, uGaston Sirino, ukhishwe ngekhadi elibomvu ngesiwombe sesibili kulo mdlalo.

AmaBrazilian asezogxila emdlalweni olandelayo weligi ozoba ngoLwesithathu, nokuyilapho ezobhekana nayo futhi iMaritzburg.

Ekhuluma ngalo mdlalo, uMosimane ugcizelele ukubaluleka kweligi ngaphezu kweNedbank Cup, nakuba evumile nokho ukuthi kubuhlungu ukukhishwa kulo mqhudelwano.

OLUNYE UDABA: IChiefs ayilugqugquzeli udlame - Motaung

“Yikuphi okubalulekile? Iligi, osudlale kuyona imidlalo engaphezu kwengu-27 bese uqeda uqhwakele noma yiNedbank Cup odlale kuyona imidlalo emine kuphela, yikuphi okumele ukubeke eqhulwini?” kusho uMosimane kwiSuperSport TV.

“Angikusho lokhu ngoba nakhu sihluliwe, kodwa yikuphi okukhulu? Iligi! Ngakho kuzomele siphinde sizame. Asibhedanga kulo mdlalo, inkinga kube yikhadi elibomvu nje kuphela (elinikezwe uGaston Sirino)."

Uthi naso lesi sicoco bebesifuna kodwa hhayi ngaphezu kweseligi futhi bayazi ukuthi ngeke bakuthola konke.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...