Maningi amathuba okuthi uKhune abonakale enkundleni njengoba 'engalimele kangako'

2017-11-08 16:01

Cape Town - Unozinti weBafana Bafana u-Itumeleng Khune kubukeka emaningi amathuba okuthi abonakale enkundleni uma ezakhe sezibhekene neSenegal kowokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018.

Lokhu kungemuva kokuthi udokotela ongungoti kweziphathelene nobuso ethe lo nozinti "uthintekile" ebusweni.

Imenenja yeqembu uBarney Kujani ekhuluma neLesedi FM ngoLwesithathu uqinisekisile ukuthi kuzothatha izinsukwana nje ukuthi uKhune aphole, kanti kungenzeka ukuba aqokelwe kwabazoqala umdlalo.

"Njengamanje usenkanjini, ungoti abonane naye uthe ukulimala kwakhe akukubi njengoba bekucatshangwa, kanti uzolulama ngokugcwele ezinsukwini ezimbalwa ezizayo," kusho uKujane.

OLUNYE UDABA: ULentjies uyaziphendulela kwabamgxekayo ngokulimala kukaKhune

"Kodwa njengoba nimazi uKhune, ubelokhu egcizelela ekutheni ukulungele ukudlala ngoba akukubi kangako."

Lo nozinti weKaizer Chiefs kulindeleke ukuba ahlolwe ngudokotela weqembu njengoba lo mdlali ecele ukudlala efake i-mask yokumvikela ubuso kulo mdlalo wangoLwesihlanu.

UKhune ubonakale ezilolonga neqembu ngoLwesithathu ekuseni ngemuva kokutheleka enkanjini esePolokwane ngoLwesibili ekuseni.

Khonamanjalo, umdlali waseswini uThulani Serero usehoxile esikwatini ngemuva kokunxenxa ukuthi afakwe kwabazoqala umdlalo.

Buka uKhune ezilolonga ngezansi:


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...