Ludluliselwe kwi-Fifa olukaNdoro, wamiswa ukudlaleleni i-Ajax

2018-03-28 12:30

Cape Town – Umxazululi onguNassir Cassim SC unqume ukuba udaba lukaTendai Ndoro ludluliselwe enhlanganweni eyengamele ibhola emhlabeni, i-FIFA, wathi iDispute Resolution Chamber (DRC) ye-PSL kayinawo amandla phezu kwalolu daba.

I-Orlando Pirates nePolokwane City bafaka isimangalo kwi-PSL bekhala ngokuthi i-Ajax Cape Town yephule umthetho we-FIFA ngokudlalisa lo mdlali.

Umdlali wadlalela iPirates ngaphambi kokuba asayiniswe yiqembu laseSaudi Arabia i-Al Faisaly, wabe esebuyela kwi-Absa Premiership wadlalela i-Ajax.

OLUNYE UDABA: IChifs izokhulula abadlali abane uma kuphela isizini

Imithetho ye-FIFA kayivumi ukuba umdlali adlalele amaqembu amathathu ehlukene ngesizini eyodwa.

Esinqumweni asikhiphe ngoLwesithathu, Mashi 28, uCassim uludlulisele kwi-FIFA lolu daba ngesizathu sokuba luthinta nekilabhu yaphesheya kwezilwandle.

Uthe okwamanje lo mdlali akumele aqhubeke nokudlalela i-Ajax.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...