Lihlehlisiwe elomdlali weDowns uboshelwe ukushayela ngesivinini esiphezulu

2017-09-01 19:31

Johannesburg - URivaldo Coetzee kubikwa ukuthi ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokubanjwa ehamba ngesivinini esiphezulu.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngaphambi kokuba asayiniswe yiMamelodi Sundowns ngoLwesine ebusuku, kubika iKickOff.com.

Ngokusho kweDaily Voice ne-IOL, lo mdlali wasemuva ubanjwe ehamba ngo-198km/h emgwaqeni omkhulu u-N1 eKapa ngabo-21:55.

UCoetzee kuthiwa ubephuthuma esiteshini samaphoyisoa esiseGoodwood ukuyogxiviza amaphepha adingekayo njengoba ebezosayina inkontileka entsha neSundowns ngenxa yomnqamulajuqu wokugcogcoma kwabadlali.

Lo mdlali usuka kwi-Ajax Cape Town.

OLUNYE UDABA: Akadayisi ofunwa yiDowns - Ajax

UCoetzee, 20, kubikwa ukuthi ube esevela eNkantolo yeMantshi yaseGoodwood ngecala lokuhamba ngesivinini esiphezulu, icala lahlehliselwa uLwesibili.

UCoetzee ungomunye wabadlali abebeqokelwe esikwatini seBafana Bafana esibhekene neCape Verde kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba, kepha ukulimala onyaweni kwashabalalisa amathemba akhe okudlala neqembu lesizwe.

Lo mdlali kubikwa ukuthi ukhishelwe imali engu-R10 million ukuze ayogijima kumaBrazillians.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...