Ligqabukile igoda phakathi kweqembu eligijima ku-PSL nomqeqeshi

2017-06-05 14:02

Durban - IPlatinum Stars FC iqinisekise amahlebezi athi sekuphelile obekuyihlanganise nomqeqeshi uCavin Johnson.

Lokhu kulandela isinqumo saleli qembu sokungayivuseleli inkontoleka yalo mqeqeshi okulindeleke ukuba iphele ekupheleni kwenyanga kaJuni.

Usihlalo waleli qembu uCliff Ramoroa uthe: "Sithanda ukuqinisekisa ukuthi leli qembu ngeke liyivuselele inkontileka yayo nomqeqeshi uCavin Johnson ngesizini ka-2017/2018. Sithanda ukudlulisa ukubonga kwethu ngomsebenzi oncomekayo owenziwe uyena nethimba lakhe ukuqinisekisa ukuthi leli qembu lifinyelela kuleli zinga elikulo.

URamoroa uthi bafuna ukufinyelela kwelinye izinga futhi ukholwa wukuthi lolu shintsho luzobanika ithuba lokuthi bathole omunye umuntu ozolithuthukisa leli qembu.

OLUNYE UDABA:Umqeqeshi ukhala ngomphuphe webhola elidlalwe yiPirates

Iziphathimandla zaleli qembu zisezinhlelweni zokwenza izinguquko kuleli qembu.

"Sizokwenza isimemezelo mayelana nomqeqeshi omusha ekuqaleni kwesizini ezayo," kusho uRamoroa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...