Kwakungathi ngibukele ifilimu, kusho umdlali we-PSL kubanjwa inkunzi

2017-03-22 08:05

Johannesburg – Umdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, uthi wathuka kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ebhekene ngqo noshayasibhamu kugetshengwja isitolo naye ephakathi ngenyanga eyedlule.

Iphephandaba iSunday World labika ngalesi sigameko esenzeka egalaji lakwa-Engen, eKyalami, enyakatho yeGoli.

Ngenhlanhla uBilliat waphuma kuso engenamyocu, kubika iKickOff.com.

 Akukho okwenzeka kimi, izigebengu azizange zingithinte,” kusho lo mdlali.

”Izigebengu zazingabambi mina inkunzi, kepha zazibamba isitolo. Zangitshela ukuthi nginganyakazi ngibuyele eceleni kanye nabanye.

“Sama eceleni njengokusho kwazo, zaze zaqeda konke ezikwenzayo.”

Lo mdlali ongowokudabuka eZimbabwe uthi okwenzeka angakufanisa nefilimu.

OLUNYE UDABA: Bashanelile abadlali beSundowns emcimbini we-PSL

“Ngesikhathi kuqala kwenzeka yonke into ngangishaqekile, ngingazi ukuthi bazosenzani. Nokho basitshela ukuthi asinganyakazi futhi ngeke basenze lutho, bona beze ukuzogebenga isitolo kuphela.

“Babephethe ama-AK-47 begqoke izigqoko ezibavala ubuso, kwakungathi ngibukele ifilimu.”

Ngakolunye uhlangothi, lo mdlali uthi uzimisele ngokubuya ngemuva kwekhefu le-FIFA njengoba elimele okwamanje.

“Sengiqalile ukuzilolonga eceleni, kepha nginethemba lokuthi ngizosheshe ngilulame uma isiqala futhi iligi,” esho.

ISundowns izobhekana neKaizer Chiefs e-FNB Stadium ngomhlaka-1 Ephreli.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...