Kuzoze kuphele isizini zingalithinti ibhola izilomo zeSundowns

2017-04-04 14:01

Cape Town - IMamelodi Sundowns kulindeleke ukuthi idlale ngaphandle komdlali wayo wasemuva, uWayne Arendse, kanye nomdlali wasesiswini ohlaselayo, uSibusiso Vilakazi.

UVilakazi uselulama ngemuva kokulimala edolweni emdlalweni wePremiership ngenyanga edlule, kanti u-Arendse yena usanda kuhlinzwa ngemuva kokuthi naye elimale edolweni emdlalweni we-CAF Champions League neKampala Capital City Authority, yase-Uganda.

Bobabili laba badlali bazobe bengadlali okungenani izinyanga ezimbili, nokusho ukuthi kufanele bavele bakhohlwe ukuthi bazoke badlale emidlalweni esele yePremiership kanye neyomqhudelwano weNedbank Cup.

OLUNYE UDABA:UGavin Hunt ‘uqinisekisa’ uStuart Baxter njengomqeqeshi omusha weBafana

Kodwa-ke yize noma la badlali bezobe bengekho, umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uzokwamukela ukubuya kukanozinti owaqokwa njenge-CAF African Player of the Year, nophinde avimbele iqembu lesizwe e-Uganda, uDennis Onyango.

“Ubengadlala neChiefs kodwa sinqume ukuthi asikho isidingo sokumxina,” uMosimane utshele izintatheli ngesikhathi ebuzwa ukuthi ubuya nini lo nozinti.

NgoLwesithathu kusihlwa, ezikaMosimane zizotholana phezulu neBloemfontein Celtic njengoba isadlala eminye yemidlalo esasilele emuva ngayo.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 kusihlwa. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...