Kuzoqala uKhune epalini koweBafana neSenegal

2017-11-10 16:00

Cape Town - Umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter usememezele isikwati esizoqala umdlalo uma besegadulisana neSenegal kowokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu.

Ngokusho kwe-website ye-SAFA, u-Itumeleng Khune uzobe esepalini kanti izitobha kuzoba ngoClayton Daniels, Morgan Gould, Thami Mkhize noSifiso Hlanti.

Isisu sizobe silawulwa ngoDean Furman, Themba Zwane, Sibusiso Vilakazi noKamohelo Mokotjo bese iqembu lifolosa ngoLebogang Manyama noPercy Tau. Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoqala ngo-19:00.

OLUNYE UDABA: Uphoxekile ngabanye babadlali beBafana

Lowo owayengumqeqeshi weBafana uClive Barker uzwakalise ukuthi akanakungabaza ukuthi iBafana izowunqoba lo mdlalo kulandela ukumenyezelwa kokuthi uKhune uzoqala lo mdlalo.

Naba abadlali abazoqala umdlalo kuBafana:


Itumeleng Khune, Clayton Daniels, Morgan Gould, Thamsanqa Mkhize, Sifiso Hlanti, Dean Furman, Kamohelo Mokotjo, Lebogang Manyama, Themba Zwane, Sibusiso Vilakazi, Percy Tau

Abasebhentshini: Wayne Sandilands, Ronwen Williams, Motjeka Madisha, Tebogo Langerman, Eric Mathoho, Siphiwe Tshabalala, Phakamani Mahlambi, Tiyani Mabunda, Keagan Dolly, Bradley Grobler.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...