Kuzoqala isizini iPirates isinomqeqeshi omusha - Umbiko

2017-07-26 11:05

Johannesburg - Ngokwemibiko ephuma e-Uganda, lowo owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin ‘Micho’ Sredojevic, amabombo uzowabhekisa eMayfair ngesizini ezokwethwasa.

Ngempelasonto kuke kwabikwa ukuthi lo mqeqeshi odabuka eSerbia angase abuyele kwiBhakabhaka njengoba ikusasa lakhe ne-Uganda lingacaci kahle kanti abezindaba bakuleliya lizwe bathi nakanjani usefinyelele esivumelwaneni nePirates.

Ngokombiko we-NBS, lo mqeqeshi oneminyaka engu-47 ubudala uvumelene ngenkontileka yeminyaka emithathu nePirates kanti uzofika eNingizimu Afrika kuleli sonto ngaphambi kokusayina isivumelwano.

OLUNYE UDABA: Ufuna ukubonga abaqashi nge-top 8 umqeqeshi

Lesi siteshi sikamabonakude siphinde sathi uzokwethulwa ngoMsombuluko ngemuva komdlalo weCarling Black Label Cup kanti uzoholelwa u-$50,000 (R650,000) ngenyanga kwiPirates. 

Okwamanje, lezi zindaba bezingakaqnisekiswa kanti lo mqeqeshi ngesikhathi ekhuluma neSoccer Laduma uthe okwamanje yena useholidini futhi lezi zindaba zingamahlebezi nje kwaphela.

IPirates izobhekana neChiefs kowe-CBL Cup ngoMgqibelo emdlalweni okubhekeke kube ngowokugcina kaKjell Jonevret ngokwemibiko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

Emizuzwini eyi-27 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...