Kuzomele siyinqobe yonke imidlalo esisalele - OweBafana

2017-09-04 09:32

Johannesburg - Umgadli weBafana Bafana uBradley Grobler usezwakalise ukubaluleka kokunqoba yonke imidlalo ebasalele eqoqweni labo kweyokuhlungela imidlalo yeNdebeyoMhlaba ka-2018.

Nakuba beqale bahamba phambili ngegoli likaTokelo Rantie ngomzuzu ka-14 bedlala neCape Verde ePraia ngoLwesihlanu, iBafana Bafana yehlulwe ngo-2-1, yayeka ithuba lokuqhwakela ku-group D.

Ukuthola ikhadi elibomvu kukaMulomowandau Mathoho kwenze izinto zanzima kakhulu kubafana bakaStuart Baxter.

IBurkina Faso iqhwakele esicongweni ngamaphuzu abahlanu kulandela ukudlala ngokulingana neSenegal eDakar ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Angimbambele gqubu uManyama - Mosimane

Njengoba seyisalelwe yimidlalo emibili ekhaya, okubalwa nalowo abazowudlala neCape Verde eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili [19:00], iBafana nakanjani idinga amaphuzu aphelele kusukela manje.

"Siyeke ithuba, kodwa kuzomele sifunde kulokho. Sibenomhlangano omuhle izolo ebusuku [ngoMgqibelo] futhi usephezulu umoya,  ngicabanga ukuthi sesinethuba elihle manje ngoLwesibili, sekusezandleni zethu.

"Sineqembu elihle impela ukuba singawina yonke imidlalo emine esisalele, yikho esikufunayo.” 

- KickOff.com

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...