Kuzomele siqhubeke nokuzithoba kulandela ukuwina - Tshabalala

2017-02-13 16:02

Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala uthi iChiefs kumele iqhubeke nokuzithoba ngemuva kokunqoba imidlalo emine ilandelana.

IChiefs ishaye iMaritzburg United ngo-2-1 ngoMgqibelo ebusuku eHarry Gwala Stadium ngamagoli kaWillard Katsande noSiphiwe Tshabalala, kanti uMohau Mokate yena ukorele ezaseMpithi.

UTshabalala kwi-website yeqembu uthe: "Kuhle ukuwina. Ungangizwa kabi, kuyangijabulisa ukuthola amaphuzu kodwa akumele sijatshuliswe ukunqoba imidlalo embalwa bese sicabanga ukuthi konke sekuhamba kahle.

"Kuzomele siqhubeke nokuzithoba, senze isiqiniseko sokuthi siyaqhubeka nokuqoqa amaphuzu.”

OLUNYE UDABA: UKhoza uthi udlame alubuyiseli

Uqhube wathi: "Kuhlale kungijabulisa ukushaya igoli. Ngabe ngiwavalela ngaso sonke isikhathi ukuba kuyenzeka. Kodwa leli yibhola, izinto azihlale zenzeka ngokufisa kwethu.

"Esingakwenza nje ukuzikhandla silwele ukwenza kangcono. Sesibheke umdlalo olandelayo ngemuva kokuwina kahle sathatha namaphuzu amathathu.”

IChiefs emdlalweni olandelayo izobhekana neHighlands Park eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-18:00.

-  KickOff.com

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...