Kuzokwenziwa uphenyo olunzulu futhi baningi abazojeza ngokwenzeke eMabhida - Khoza

2018-04-23 14:04

eThekwini - USihlalo we-PSL u-Irvin Khoza wethule inkulumo mayelana nokuqubuka kodlame enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.

Le nkundla iphenduke inkundla yodlame ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi abalandeli bengena enkundleni kulandela ukwehlulwa kweKaizer Chiefs ngo-2-0 idlala neFree State Stars kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.

Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi kanye nama-stun grenade ukuzama ukulawula abalandeli ebebephula izihlalo beshaya nonogada.

I-video iveza abalandeli beshaya kabi omunye wonogada, bamshiya kungathi uqulekile.

"Unogada oyedwa ungeniswe esibhedlela kodwa asinaso isiqiniseko ngesimo akusona,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala.

Okhulumela iCrisis Medical uKyle van Reenen utshele iNews24 ngeSonto ukuthi unogada usesimeni esibucayi kodwa esethembisayo.

UKhoza uvule lesi sithangami sabezindaba ngokucacisa ngamahlebezi okuthi unogada obonakale kule video ungowesifazane nokuthi ushonile.

"Ngicela ukucacisa lapha kuqala, unogada obonakale kwi-video akuyena umuntu wesifazane, kodwa ungowesilisa ogama lakhe nguSabela Maziba oneminyaka engu-32 ubudala."

UKhoza ube eseveza ukuthi lo nogada uphuthunyiswe esibhedlela elimele ekhanda kodwa ulashiwe futhi usekhishiwe esibhedlela.

Ube esebika nangabanye abalimalile kuso lesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Bazovela enkantolo ababoshwe ngesigameko saseMoses Mabhida Stadium

UKhoza uthi abantu ababukela ibhola ezinkundleni zemidlalo ngabantu abanothando lwalo mdlalo futhi abanokuthula.

Le migulukudu embalwa egqoke isikhumba semvu kumele ibekwe obala ukuze kucace ukuthi ngeke lubekezelelwe udlame, esho.

"Ziyanda izigameko zobundlavini obenzeka ezinkundleni ikakhulukazi uma kudlala amaqembu amakhulu edlala namaqembu amancane," kusho yena.

Uthi ababhebhethekisi balolu dlame kumele bavezwe obala futhi baziwe emphakathini ukuthi bangobani ukuze kucace ukuthi udlame olufana nalolu alwamukelekile futhi ngeke lubekezelelwe.

Uthi okwamanje ngeke akwazi ukuqagula ukuthi izohamba kanjani inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe kwalabo abatholakala benecala, ngoba kumele kwenziwe uphenyo.

"Kuzokwenziwa uphenyo olunzulu ukuze kutholakale bonke ubufakazi babo bonke abasephutheni nanokuthi ungakanani umonakalo odalekile. Lokho kuzokwenziwa yikomidi kanye nezinhlaka ezibhekelele lowo msebenzi ukuze kuphunywe nesixazululo," kuqhubeka yena.

"Kukhona okumele bajeze ngalokhu ukuze kutholakale ubulungiswa futhi kuqedwe lo mkhuba wodlame."

UKhoza uthi yize leyo nqubo izothatha isikhathi, beyi-PSL sebenqume ukuphuma umkhankaso wokulwa nodlame ezinkundleni, ukuqinisa ezokuphepha nokuzwana ezinkundleni zemidlalo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...