Kuyiphupho lami ukudlala noYeye - Teko Modise

2016-01-15 16:03

Johannesburg - UTeko Modise uthi kungaba ukufezeka kwephupho lakhe uma engase athole ithuba lokudlala kanye nomdlali weKaizer Chiefs, uReneilwe Letsholonyane, eqenjini elilodwa.

Lo mdlali weMamelodi Sundowns useke wathola ithuba lokudlala nabadlali abavelele kuleli okubalwa kubo o-Andile Jali no-Oupa Manyisa ngesikhathi esagijima ku-Orlando Pirates, kubika iKickOff.com.

Kepha uModise uthi munye kuphela umdlali angafisa ukuba naye eqenjini elilodwa - ngu'Yeye'.

OLUNYE UDABA: Bazobaluleka kakhulu abadlali asebekhulile - Modise

“Kungaba ukufezeka kwephupho lami uma ngingakwazi ukudlala no-Andile Jali, Oupa Manyisa noReneilwe Letsholonyane eqenjini elilodwa," esho.

“Angifuni-ke abantu bacabange ukuthi sengifuna ukudlalela iqembu elithile. Engikushoyo ukuthi kwaba mnandi ngidlala noManyisa noJali, manje sekushoda uYeye.

“UYeye ngaqala ukumazi eneminyaka engu-14 ubudala, engumuntu ozithobile nokhulile ngokomqondo. Ibhola alidlala manje, yibhola ayelidlala esangumfana."

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...