Kuvele amahlazo emcimbini weKaizer Chiefs wokuvala unyaka

2017-12-12 12:30

eGoli -  Kube muncu emcimbini weKaizer Chiefs wokuvala unyaka ngenxa yokukhushulwa kwamaholo kanye namabhonasi kaKhisimusi nokuyinto eholele ukutheni uJessica Motaung adube athi kungcono ubaba wakhe amkhulule esikhundleni sakhe.

Lokhu kwenzeke ekhaya elikhulu laleli qembu eNaturena.

Kuthiwa isimo sishube akakhulu ngesikhathi udadewabo uKemiso ebhala imeyili eshisayo ebhalela abasebenzi ebatshela ukuthi abagcwale umgwaqo uma bengathokozile emsebenzini.

OLUNYE UDABA:Useqalile ukuzilolonga ne-Kaizer Chiefs owayegijima kuChicken Inn FC

Kuthiwa lokhu khononda kwakhe kushiye abasebenzi bemungcu.

Kukholakala ukuthi lokhu kwenze abanye abasebenzi bahlele ukuwuduba umcimbi wokuvala unyaka obubanjelwe ePH Network Cafe eMondeor, eNingizimu nedolobha laseGoli.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabakaMotaung akuphumelelanga njengoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.

Okhulumela leli qembu uVina Maphosa ucele ukuba imibuzo ithunyelwe ngoLwesithathu, kodwa akazange ayiphendule kwaze kwashicilelwa.

Imithombo emithathu yephephandaba iSowetan ikuqinisekisile ukuthi abasebenzi baseNaturena abathokozile ngokungakhushulelwa amaholo.

"Bekumele ngabe bakhushulelwe amaholo kodwa abazange bathole lutho kanti nomphathi wabo uJessica akazange abatshele lutho,"kusho lo mthombo

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...