Kuthiwa umqeqeshi kade aqala evikela uZongo

2016-05-11 12:32

Johannesburg – Sekuputshuke imibiko ethi ukudedelwa kukaMasibusane Zongo yiPlatinum Stars kuyinto ekumele engabe kade yenziwa, kepha umqeqeshi uCavin Johnson walokhu ehlezi ethembeni.

Kuthiwa kukaningi uZongo ephula imithetho yeqembu, kepha uJohnson elokhu emkhulumela nabaphathi emncengela ukuthi akanikezwe ithuba futhi angaphathwa ngesandla sensimbi, ngethemba lokuthi lo mdlali uzoshintsha, kubika iThe Citizen.

“Kugcine sekungekho angakwenza, naye wakhathala ukumvikela. Abanye abadlali bese becabanga ukuthi kukhethwa iphela emasini.

OLUNYE UDABA: Angase athole ithuba lokuqala umdlalo uZongo

“Umqeqeshi ubelokhu emvikela ngisho engafiki uma sizilolonga. Kokunye ubefika enuka phu utshwala, ngiyacabanga ukuthi yilapho iqembu elaqala khona ukudonsa kanzima,” kusho umthombo.

UZongo wakhululwa yiDikwena ngesonto eledlule ngemuva kokuqondiswa izigwegwe.

UJohnson wazwakalisa ukuthi ubesekhathele yimikhuba kaZongo obehamba izinsuku engaziwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...