Kuthiwa inkinga isemsamu kumdlali we-PSL

2016-03-07 18:31

Durban – Sekuvele ezishaqisayo ngesifo sokuwa esihlala ngokuhlasela umdlali we-Ajax Cape Town, uPrince Nxumalo, okuthiwa sesimphazamise ezintweni eziningi.

UNxumalo, ongowukudabuka eMlazi, ubhekene nenkinga empilweni njengoba kuthiwa lesi sifo sesidlulele kumfowabo omdala.

Kuthiwa umfowabo naye ungena ephuma esibhedlela ngenxa yalesi sifo esimqala manje esekhulile, kubika iLANGA.

“UNxumalo nguye obheke umndeni ngoba abazali bakhe sebadlula emhlabeni. Uhlala nodadewabo ababili nomfowabo kubo.

OLUNYE UDABA: Usegumbini labagula kakhulu umdlali we-Ajax - Umbiko

“Kumele enze umsebenzi wesintu ukuze iphele yonke le nto. Kodwa-ke ngoba yena akakholelwa ezintweni zesintu akayenzi yonke leyo nto,” kusho umthombo osondelene noNxumalo.

“Ngeke akuthole ukuphumula engazilungisile lezi zinto zesintu,” kuqhuba umthombo.

Ethintwa uNxumalo, uvumile ukuthi lesi sifo sesihlasela nomfowabo uPhilani.

“Kuyiqiniso ukuthi lesi sifo sesiyeke mina sadlulela kumfowethu. Abantu bathi yizinto zabantu lezi, mina ngeke ngikwazi ukwenza izinto zesintu ngoba angikaze ngikhuliswe ngazo,” esho.

Uthe konke ukubeka ezandleni zodokotela.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...