Kushone umdlali we-Maritzburg United engozini yomgwaqo

2017-10-09 09:30

Johannesburg - Kushone umdlali osemncane eMaritzburg United, uMlondi Dlamini, engozini yemoto eyenzeke ngeSonto ntambama.

UDlamini, ubengakaze adlale kule sizini ngenxa yokulimala, kanti ubeneminyaka engu-20 ubudala.

Wanyuselwa ejenjini elikhulu leMaritzburg ngasekuqaleni kwesizini edlule benoSiphesihle Ndlovu, Luyanda Ntshangase noBandile Shandu.

OLUNYE UDABA: Udalula okumenze isehlulekile

Ngesikhathi u-Ernst Middendorp esangumqeqeshi, uDlamini wadlala imidlalo eyisithupha yeligi kwiTeam of Choice. Usihlalo weMaritzburg uFarook Kadodia uthe uDlamini udlule emhlabeni ngeSonto ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto.

IMaritzburg uthe izokhipha isitatimende uma isiyitholile imininingwane emaphoyiseni ngoMsombuluko.

- KickOff.com


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...