Kusasekuseni ukuba sekungakhulunywa ngokugawulwa yizembe - OwePirates

2017-04-05 09:32

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates lizobe lifuna ukuwina nakanjani uma selibhekene neFree State Stars emqhudelwaneni weNedbank Cup Last 16 ngempelasonto.

Kulandela ukushaywa yileli qembu ngo-3-2 emdlalweni we-Absa Premiership, eJames Motlatsi Stadium, ngoMqgibelo odlule, iBhakabhaka lizophinde lithole elinye ithuba lokuziphindiselela. 

Ekhuluma nabezindaba eRand Stadium, ekuseni ngoLwesibili, umqeqeshi weBhakabhaka uKjell Jonevret, uthi okufunwa yiqembu lakhe ukulungisa umphumela wangempelasonto edlule.

“Umuzwa egumbini lokushintshela owokuba siphume siyolungisa umphumela owedlule futhi nginethemba lokuthi sizowina uma sesiphinda sidlala nabo,” ukusho umqeqeshi ecashunwa ku-Twitter.

OLUNYE UDABA: I-SAFA ithi ngeke ibazwele abashaye umqeqeshi

IPirates ilele kunombolo 11 kwiligi ngamaphuzu angu-23.

Amaqembu angezansi kweBhakabhaka anamaphuzu angu-22, 20, nangu-18 ngokulandelana kwawo kanti abhekene nokugawulwa yizembe.

UJonevret uthi kodwa kusasekuseni ukuba sekungaqala kukhulunywe ngokugawulwa yizembe.

“Kudingeka sisebenze ngokuzikhandla, siqale nokuthola imiphumela emihle ukuze sinyukele phezulu kwi-log, kodwa kusasekuseni kakhulu ukuba sesingakhuluma ngokugawulwa yizembe,” kusho umqeqeshi.

- Soccer Lauma

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...