Kuputshuke uhlu lwabafunwa yi-Bucs

2017-05-08 12:33

Durban - Kuputshuke uhlu lwabadlali okuthiwa bafunwa nguDkt Irvin Khoza ongiSihlalo we-Orlando Pirates ukuqinisa ngabo le kilabhu ngesizini ezayo.

IBhakabhaka kayizange ibe nesizini enhle njengoba ibiwukudla kwesibhaxu. Yenze okungafani nayo ishintshashintsha abaqeqeshi okuyinto engavamisile ukwenzeka kule kilabhu.

Ivule isizini ilolongwa nguMuhsin Ertugral waseTurkey osulile ngoNovemba kwabamba okwesikhashana u-Augosto Palacios naye oshiswe yisihlalo njengoba kugcine kuthathe uKjell Jonevret waseSweden osizwa nguHarold Legodi noBenson Mhlongo.

ILANGA lithole ukuthi umthetho weBhakabhaka kawukashintshi, umqeqeshi akaziletheli abadlali kunalokho uyasho ukuthi udinga ukuqiniselwa kuphi bese elandelwa labo badlali.

Leli phephandaba lithole ukuthi uJonevret useshilo ukuthi ufuna isitobha esinesipiliyoni, abadlali basesiswini nomgadli.

OLUNYE UDABA: Owayeqeqesha iBafana inikwe ithuba lokuqeqesha ku-PSL

Iphephandaba lipotshozelwe ngumthomnbo walo uhlu lwabadlali okuthiwa uKhoza ubadinga kwiBhakabhaka.

Kulolu luhlu kukhona uLimbikani Mzava weLamontville Golden Arrows, uThabo Nthethe ophelelwa yinkontileka kwiMamelodi Sundowns, uJabulani Ncobeni weThanda Royal Zulu okuthiwa useke wabamba izingxoxo neBhakabhaka, u-Evans Rusike weMaritzburg United, uJabulani Shongwe weBidvest Wits, uBen Motswari weWits uThobani Mncwango wePolokwane City okuthiwa useyisayinile inkontileka yesethembiso kwiBhakabhaka.

“UKhoza uphoxeke kabi njengoba ikilabhu ishaye udaka igubha iminyaka engu-80 yasungulwa. Njengoba ngikhuluma nje lolu luhlu lukuyena uzibambele mathupha ufuna ukuqinisa ikilabhu ukuze ingabi yinhlekisa njengoba kwenzeke ngale sizini. Usebambe umoya ukugqiba ihlazo ngeNedbank Cup," kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uKhoza iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungemukelwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...