Kuputshuka izinkinga ekhempini yeDowns

2017-11-13 18:00

Durban - Simuncu isimo ekhempini yeMamelodi Sundowns njengoba kuvela ukuthi kunabadlali bayo abanqaba ukwelula izinkontileka zabo nale kilabhu ngalokho abakubiza ngokucikwa yimpatho engeyinhle abathi bayithola kuPitso "Jingles" Mosimane.

IDowns kayiyiqalanga kahle imidlalo ye-Absa Premiership njengoba ibihlulwa nasemidlalweni obekubhekwe ukuba iyinqobe kulula, kubika ILANGA.

Ize yahluleka nawukuvikela isicoco sayo se-Caf Championships League esesiphethwe yiWydad Casablanca yaseMorocco.

Leli phephandaba lihletshelwe ngomunye wabadlali beDowns ukuthi isimo sibi ekhempini yale kilabhu njengoba kuthiwa kunabadlali abali-12 abenqaba ukwelula izinkontileka zabo bekhala ngempatho nokudelela kukaMosimane.

Kuthiwa kunabadlali abalibeka ngesihloko elokuthi sebenele nguyena noma angahamba kabasenandaba.

OLUNYE UDABA: Ubhekene nosizi uyise wesitobha se-Downs

Kuthiwa uma benezinkinga sebencamela ukuzibika kumsizi wakhe, uManqoba "TV" Mngqithi, okuthiwa bayakwazi ukumuvulela isifuba. Kuvela ukuthi bashayeke kakhulu ngokuhamba kukaRhulani Mokwena obengumsizi kaMosimane osekwi-Orlando Pirates ngoba naye ungomunye wabebekwazi ukuneka izinkinga zabo kuyena.

Phakathi kwabadlali okubikwa ukuthi bamanqika ukwelula izinkontileka zabo neDowns kubalwa uKhama Billiat okhonjwa kwiZamalek yase-Egypt eveze ukuthi iyamfuna neKaizer Chiefs.

Kuzoba nguLeornardo Castro, uThemba Zwane, uThabo Nthethe, uKennedy Mweene, uTebogo Langerman noTiyani Mabunda.

Okhulumela iDowns uThulani "TT" Thuswa uhlulekile ukuphendula imibuzo ayithunyelelwe ngesikhathi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...