Kuphelile phakathi kweDowns noTeko

2017-06-27 12:59

Johannesburg - Umdlali wasesiswini, uTeko Modise, akaseyena umdlali weMamelodi Sundowns.

Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala, oseshiya leli qembu, uchithe iminyaka eyisithupha kwiDowns kulandela ukuyijoyina ephuma kwi-Orlando Pirates.

UModise unqobe izicoco ezimbili zeligi, iNedbank Cup, iTelkom Knockout kanye neCAF Champions League neSuper Cup kwiDowns ngaphansi kukaPitso Mosimane.

OLUNYE UDABA: Kuzomele sikhohlwe yisizini edlule - Manyama

IDowns ikhiphe isitatimende, esithi: 'IMamelodi Sundowns ithathe isinqumo sokumdedela uTeko Modise ukuze ezokwazi ukubamba izingxoxo zenkontileka yakhe [nabamdingayo] kulesi sikhathi akusona manje njengomdlali webhola.

'IMamelodi Sundowns iyabonga kakhulu kuTeko ngeminyaka eminingi ayisebenze kuleli qembu ngokwethembeka futhi simfisela okuhle kodwa.

'UTeko udlale indima ebalulekile ekusizeni iqembu lithathe izicoco ezimbili ze-PSL, eseCAF Championship kanye neseCAF Super Cup kumasizini edlule.’

- KickOff.com

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...