Kunxuswe oweCity ukuthi ajoyine iSundowns ukuze ezonyusa izinga

2017-08-01 11:01

Cape Town – Lowo owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uKoketso Mmotong, usenxuse esinye sezethenjwa zeCape Town City, u-Aubrey Ngoma, ukuthi aye ku-Chloorkop ukuze abeke umdlalo wakhe kwelinye izinga.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala sekunesikhathi eyamaniswa neSundowns  kusukela ngonyaka owedlule kodwa iCitizens ifuna ukumgcina lo mdlali wayo ongaconsi phansi.

Kodwa-ke ukuya kwalo mdlali kumaBrazilians kungase kuphazamiseke njengoba lo mdlali elulama ngemuva kokulimala kanzima edolweni.

OLUNYE UDABA: Seziqinisekisiwe izinsuku, izikhathi nezinkundla okuzodlalelwa kuzo i-MTN8

Noma kunjalo, uMmotong, owachitha isikhathi esingaphezu kwemasizini amathathu neDowns ngaphambi kokuba athathe umhlalaphansi ngonyaka ka-2013, utshele i-website yeSoccer Laduma, “Ngicabanga ukuthi uNgoma ubelokhu enzima kakhulu kusukela asuka kwi-(Orlando) Pirates waya kwi-(Mpumalanga) Black Aces kanye neCape Town City.

“Ngicabanga ukuthi iSundowns ingaba indawo enhle kakhulu kuyena ukuthi adlale. Baningi kakhulu abadlali kuSundowns kuyo yonke iminyango, kodwa, uma kubhekwe phambili, kungenzeka ukuthi bahle kakhulu.”

UMmotong uqhuba uthi ngenxa yokuthi iSundowns inabadlali abasezingeni eliphezulu, lokho kuzosiza uNgoma ukuthi athole ukugqama. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...