'Kungaba yinkinga uma iPirates ingadlala engekho uNdoro'

2016-11-30 18:02

Johannesburg - Lowo owayengumgadli we-Orlando Pirates, uJerry Sikhosana, uthe kungabayinkinga uma iBhakabhala lingadlala engekho uTendai Ndoro, uma kwenzeka lo mdlali waseZimbabwe engadlali kahle noma engekho ngezizathu ezahlukene.

UNdoro wehluleka ukushaya igoli ngesikhathi iPirates ishaywa iSuperSport United ngempelasonto edlule ngemuva komgqigqo wakhe omuhle, lapho eshaye khona amagoli angu-9 emidlalweni engu-11 kuyona yonke imiqhudelwano.

OLUNYE UDABAUmdlali uthi ufuna ukugeza uKomphela ubebebe

USikhosana uthi ngeke kwagwemeka ukuthi lo mdlali ahlukeke ukushaya amagoli ngokuhamba kwesikhathi kanti lokho kuyoba yinkinga enkulu.

Uthi izinto ezifuze lezi ziyenzeka ebholeni ngakho ucabanga ukuthi kuyinto ekhathazayo kakhulu ukuthi iPirates isingathembela kulo mdlali kuphela, kubika iSoccer Laduma.

USikhosana uqhube wathi umqeqeshi u-Augusto Palacios kuzodingeka athole omunye umgadli ozovala indawo kaNdoro uma engekho noma engasawashayi amagoli njengokuba enza.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...