Kumele ngabe kade aya e-Europe uDolly - Benni

2017-02-01 14:31

Johannesburg - Isinqumo sikaKeagan Dolly sokujoyina iqembu elidlala kuLigue 1 France, iMontpellier, sesishayelwe ihlombe ngabanye ababengabadlali bebhola.

UDolly ngoLwesihlanu umenyezelwe njengomdlali weqembu laseFrance, ngemuva kokulinda ukudedelwa ngokusemthethweni yiDowns.

Ikhuluma neSoccer Laduma, inkakha yeBafana Bafana, uBenni McCarthy, ithe ijabule ngesinqumo esithathwe uDolly sokuya phesheya kwezilwandle, kodwa noma kunjalo, ikholelwa ukuthi wayengaya e-Europe esadlalela i-Ajax Cape Town.

“Ngicabanga ukuthi uthathe isinqumo esihle ukuze ezozwa izinto ezehlukile empilweni. Uma udlala ibhola eNingizimu Afrika futhi unethalente, kumele uhambe uyokhula kwenye indawo,” kusho uMcCarthy.

OLUNYE UDABA: Isithenjwa selule inkontileka neChiefs

“Lokhu kuzomsiza kakhulu uKeagan ngokomqondo. Nakuba kuzoba yinselelo ngoba kuzomele akhulume nolimi lwaseFrance, kodwa lokho nje kukodwa kuzokumqinisa.

“Kuzomenza abengumdlali osezingeni eliphezulu ngoba uzobhekana nezimo lapho engeke abaqonde ozakwabo ukuba bathini nokuthi ufunani kuyena umqeqeshi, kodwa lokho kuyingxenye yokukhula.

“Ngokwami ukubona ngicabanga ukuthi uthathe isinqumo esifanele. Bengizothi kuyena kwakumele ahambe eminyakeni emibili edlule.”kusho uBenni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...