Kumele kusolwe bani ngoluka-Andile Jali?

2017-11-12 15:05

Johannesburg - Kumele kube khona ozojeza mayelana nesixakaxaka esimayelana nokumiswa kuka-Andile Jali, ngaphakathi kwi-SA Football Association (Safa).

Izwe litshelwe ukuthi lo mdlali wasesiswini kwi-KV Oostende umusiwe ngesikhathi iBafana Bafana idlala owokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba neSenegal ngoLwesihlanu, kepha kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi lokhu akusile iqiniso.

UJali nakanjani ubezoquqala umdlalo kulandela ukudlala ibhola eliyingcwenga ezakhe zigadulisana neBurkina Faso ngenyanga eyedlule, kepha wagcina ekhuhla ibhentshi.

Kulandela umdanso owathela iNingizimu Afrika ngehlazo eMbombela ngo-2011, ngesikhathi iBafana icabanga ukuthi ingenile kweye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2012, bekuzocatshangwa ukuthi iSafa isifundile isifundo.

OLUNYE UDABA: Ichaze abaningi eka-Andile Jali eshaya ngolwebele exoxa nabezindaba eBelgium

Kubukeka sengathi kukhona umuntu ngaphakathi kwiSafa ongawenzi ngendlela umsebenzi njengoba udaba lukaJali seluveze ukuthi kuningi okungahanjiswa ngendlela kule nhlangano yebhola.

Umqeqeshi uStuart Baxter uzame ngazo zonke izindlela ukuchaza okwenzekile ngaphandle kokuzwakala sengathi kukhona amsulela ngecala.

UBaxter uthe uma enganaba ngalolu daba kuzokwenza "abanye abantu babukeke njengezithipha".

Uthi bathintwe yiFifa kwabonakala ukuthi umbiko kanompempe awulona iqiniso, "siqhubeke nombiko wokuthi uJali umisiwe, kwaze kuba nguye ositshelayo ukuthi kakunjalo sase siyaqala siyaphenya".

Umbuzo uthi kungani, ngesikhathi lo mqeqeshi ethola ukuthi lo mdlali ukulungele ukudlala, uBaxter emshiye ngaphandle?

Udaba oluphelele lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...