'Kumele alibambisise leli thuba uZongo'

2016-05-25 17:01

Johannesburg – Lowo owayengumqeqeshi kaMasibusane Zongo, uKwanele Kopo, usenxuse lesi siqongqwane somdlali ukuba silungise impilo yaso uma sithanda ukuphumelela ebholeni.

UZongo ufakwe amasondo yiPlatinum Stars ngenyanga eyedlule ngemuva kokungafiki ekhempini, kubika iSowetan.

Lo mdlali usephinde wathola elinye ithuba njengoba esethathwe yiqembu elidlala kuNational First Division, iRoyal Eagles, lapho esayine khona inkontileka yeminyaka emibili.

"Kumele kube nguye owenza isinqumo ngethemba lokuthi iqembu nomndeni bazomeseka,” kusho uKopo.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa umqeqeshi kade aqala evikela uZongo

Lo mqeqeshi wentsha wazana noZongo esamqeqesha edlala emazingeni aphansi kuSuperSport United.

"Siyethemba ukuthi uzokwazi ukuzibamba uma eseseThekwini ngoba leli dolobha lidume ngobumnandi.”

UZongo ithalente lakhe lavundululwa ekanye noKermit Erasmus noKamohelo Mokotjo, besebancane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...