Kulindeleke i-SS United imdalule njengomqeqeshi wayo omusha owayecija iPirates

2017-06-08 09:31

Johannesburg - Iqembu leSuperSport United kulindeleke limelezele u-Eric Tinkler njengomqeqeshi walo omusha ngoLwesine, kubika iKickOff.com.

ISuperSport ibize isithangami sabezindaba ukuzokwenza isimemezelo esigcwele ngoLwesine ntambama, nokuyilapho kulindeke ukuba imemezele khona umqeqeshi omusha.

Leli qembu kuzokhumbuleka ukuthi ‘alisenaye’ umqeqeshi kulandela ukuqashwa kukaStuart Baxter yiSAFA abengumqeqeshi weBafana Bafana.

OLUNYE UDABA: UBaxter useqoke umqeqeshi omusha weBafana

UTinkler kulindeleke ashiye umsebenzi wakhe kwiCape Town City, okuyiqembu aliholele endaweni yesithathu kwiligi waphinde walithathisa isicoco seTelkom Knockout ngesizini yokuqala bekuPSL.

Imithombo eseqenjini laseKapa ithi uTinkler, owake wacija ne-Orlando Pirates, uvalelisile ngoLwesithathu, njengoba amabombo esewabhekisa eGoli.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...