Kulimale abadlali beBafana, uFurman noJali

2016-11-09 12:35

Cape Town – Abadlali beBafana Bafana ababili uDean Furman kanye no-Andile Jali abazange babe yingxenye yaleli qembu lesizwe ngenkathi lizidlela amahlanga ngokunqoba ngo-6-1 ngenkathi libhekene neqembu laseLimpopo eligijima kwi-ABC Motsepe League, iMolemole Academy FC, emdlalweni wokuziqeqesha obudlalelwa ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ntambama.

La badlali abagijima esiswini basazithoba amanxeba ezimbanjeni kanye nokudonseka kwamamasela ngokwehlukana, kodwa udokotela weBafana, uThulani Ngwenya, akakhathazekile ngokulimala kwala badlali.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi weBafana Bafana uthi badinga umthandazo

Ngokwe-website, yeSAFA, uTebogo Langerman kanye nonozinti, uRonwen Williams, nabo kulokhu kuqashwe ukululama kwabo.

Kodwa-ke uNgwenya uthi lokhu kulimala akuyona into okungaze kube nokukhathazeka ngayo futhi abadlali kulindeleke ukuba babe sebeluleme ngokuphelele emdlalweni wangoMgqibelo neSenegal.

IBafana izobhekana neSenegal emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ka-2018 ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo, nalapho ithemba ukuthi izobuya namaphuzu amathathu.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Early fog followed by sunny skies. Mild. Bloem: 8-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 15-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...