Kukhishwe egunyaza ukuboshwa kwesihlabani seChiefs

2017-02-08 13:01

Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo ufunwa ngamaphoyisa kulandela ukungafiki enkantolo.

Kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwalesi sihlabani eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoJanuwari 27 kulandela ukwehluleka kwaso ukuvela enkantolo.

UKhuzwayo, 27, kwakulindeleke ukuba avele enkantolo ngezinsolo zokuphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa ngoDisemba.

ISunday World ibike ukuthi lo mdlali wazama ukusebenzisa amandla akhe ukuvimba amaphoyisa ngesikhathi ezama ukubopha umngani wakhe emzini wakhe kanokusho oseDainfern.

Waboshwa wagcinwa esiteshini samaphoyisa eDouglasdale, wavela okukoqala eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa nokuyilapho icala lahlehliselwa khona uJanuwari 27.

OLUNYE UDABA: Umculi wodumo ufuna abantu abazomsebenzela

Wadedelwa ngebheyili ka-R1 500.

Kubukeka sengathi lesi sinqumo senkantolo kodwa asiphuthumi njengoba iSowetan ibika ukuthi ngoLwesibi ekuseni ubesejimini kanye neqembu.

Okhulumela iqembu, uVina Maphosa, uthe iqembu alazi ngencwadi ekhishwe yinkantolo egunyaza ukuboshwa kukaKhuzwayo.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubele uthe inkantolo inikeze lo mdlali izinsuku eziyishumi ukuba achaze ukuthi kungani engafikanga enkantolo.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...