Kuhoxiswe abadlali ababili be-Ajax kwiBafana

2016-08-29 17:38

Johannesburg - IBafana Bafana iyekhempini ngaphandle kwabadlali ababili be-Ajax uPrince Nxumalo noRivaldo Coetzee njengoba izilungiselela ukudlala neMauritania ne-Egypt.

Abaphathi beBafana bakuqinisekisile ukuthi uNxumalo odonseke umsipha kanti uCoetzee une-chicken pox.

UNxumalo  akadlalanga futhi ngesikhathi i-Ajax idlala neBaroka ngoLwesibili olwedlule, uCoetzee yena udlale imizuzu engu-90.

Funda nalolu daba: UKomphela uyabethemba abagadli abakhe

Bobabili abadlali kulindeleke izikhala zabo zivalwe namhlanje.

“Sesibahlonzile abazovala izikhala zabo, kodwa sisakhuluma namaqembu abo,”  kusho uShakes Mashaba etshela izintaheli ngoMsombuluko ekuseni, kubika iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...