Kuhlomulise omunye umdlali weSundowns ukuhamba kosayinwe iPirates

2017-07-14 14:00

Cape Town - IMamelodi Sundowns ihlela ukubhalisa unozinti waleli qembu oseshaye ibuya, uThela Ngobeni, ukuze akwazi ukudlala kuPSL kanye nakuCAF Champions League, kubika iKick Off.

UNgobeni wachitha isizini edlule ebolokiswe kuFree State Stars, nalapho enza khona ezibukwayo wakhombisa ukuthi kungathenjelwa kuyena emapalini uma ngabe enikwa ithuba.

OLUNYE UDABA: IPirates iqinisekise ukuthi isisayine obedlalela iSundowns

Lokhu kwenzeka njengoba obekade engunozinti waleli qembu, uWayne Sandilands, uqinisekiswe njengonozinti we-Orlando Pirates ngaphambilini ngoLwesine ngemuva kokushiya iSundowns, nokuyinto evulele uNgobeni umnyango ukuze ezokwazi ukuba yingxenye yesikwati salabo mpetha base-Afrika kubhekwe phambili.

Kodwa-ke noma kunjalo, uNgobeni kusazoke kuthi ukumthatha isikhathi ukuthi ayithathe ngokuphelele indawo kanozinti kuleli qembu, njengoba uDenis Onyango kunguyena isethenjwa okwamanje emapalini.

Ophethe izindaba zikaNgobeni, uMirko Agnelli, ukuqinisekisile ukuthi lo nozinti uzohlala kuSundowns.

“Bona [iSundowns] ibhalisela uThela iPSL kanye neCAF. Ngakho yebo, bayamgcina uThela.”

Okhulumela iSundowns uthe: “Leli qembu lisahambile liseholidini, ngakho akukho obesekwenziwe okwamanje [mayelana nokubhalisa uNgobeni].”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...