Kubungazwa iminyaka eyishumi kwadlula emhlabeni isihlabani se-Orlando Pirates

2017-09-04 18:00

eGoli - Sekuphele iminyaka eyishumi iNingizimu Afrika yalahlekelwa ngomunye wabadlali ababenethalente elikhulu ebholeni lezinyawo.

NgoLwesibili ekuseni ngomhlaka-3 Septhemba 2007 iNingizimu Afrika yavuka ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kukaGift Leremi engozini yemoto emgwaqeni uR556 ngase-Alberton.

OLUNYE UDABA:Umbono: Kukhunjulwa umdlali webhola

UGift washona esezohlanganisa iminyaka engu-23 ubudala, esekade ayijoyina i-Orlando Pirates.

Ushona-nje, amaBhakabhaka ayebheke emdlalweni wamanqamu kowe-2007 SAA Supa 8.

Yize wayesanda kulishiya leli qembu uLeremi wazakhela igama kwezikaMagebhula nokuyilapho athola khona igama elithi, "Voom Voom".

Ushona-nje wayesanda kujoyina iqembu laseChloorkop, iMamelodi Sundowns.

Ukudlula kwakhe emhlabeni kwalidumaza kakhulu izwe nabathandi bebhola ngoba kwakusabhekwe lukhulu kuyena njengoba wayenekusasa eliqhakazile, kubika iKickoff.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...