Kuboshwe umdlali wePirates ngokwephula umthetho womgwaqo

2017-09-04 14:00

Johannesburg – Umdlali we-Orlando Pirates uboshwe ekuseni ngoMsombuluko ngecala lokushayela ngesivinini esiphezulu, kusho uMnyango wezokuPhepha koMphakathi eGauteng.

Okhulumela uMnyango uBusaphi Nxumalo uthe owesilisa, igama lakhe eligodliwe, ubanjwe ehamba ngesivinini sika-223km/h ku-M1 ngemoto yohlobo lwe-135i BMW.

Lesi sihlabani somdlali webhola kulindeleke sivele eNkantolo kaMantshi eRandburg maduzane.

UNxumalo uthe: "Ngesikhathi amaphoyisa esekwazile ukummisa, uwatshele ukuthi uphuthuma ingane yakhe egulayo. Kodwa kutholakale ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ubeqamba amanga.”

OLUNYE UDABA: Kuzomele siyinqobe yonke imidlalo esisalele - OweBafana

"Ube eseboshwa khona lapho wayiswa esiteshini samaphoyisa eSandton lapho ethweswe khona icala lokushayela budedengu nangejubane eleqile ku-120km/h ovumelekile."

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng uSizakele Nkosi-Malobane uthe: "Ngidumele ngendlela abeshayela ngayo nangokuziphatha kwakhe. Abadlali bebhola kumele babeyisibonelo futhi babengamanxusa ezokuphepha.

"Abomthetho ngeke bakubekezelele ukwephulwa komthetho emigwaqeni yaseGauteng, ikakhulukazi njengoba liphezulu kakhulu izinga labantu abashona ezingozini esifundazweni.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...