Kube muncu oweDowns ekhishwa ebhasini leqembu - Umbiko

2016-06-24 08:52

Durban – Kuthiwa kube nokushuba kwesimo kuMamelodi Sundowns ngesikhathi uBongani “Ben 10” Zungu enqaba ukuba yingxenye yesikwati esizodlala koweCAF.

UZungu kuthiwa uthe usaba ukulimala njengoba elibhekise ePortugal lapho ezodlalela khona iqembu elisha iVitoria Guimareas.

Umbiko weLANGA uthi umqeqeshi uPitso Mosimane ubefuna ukufaka uZungu esikwatini ngoba inkontileka yakhe neqembu iphela ngomhlaka-30 Juni.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlali uhlale izinyanga eziyisithupha engadlali ngenxa yokulimala onyaweni.

OLUNYE UDABA: Yithina esiwadinga kakhulu amaphuzu amathathu - OweDowns

“Umqeqeshi ubeshoda ngabadlali azobafaka njengoba iningi labo liphelelwa yizinkontileka,” kusho umthombo.

“UMosimane simcasulile isenzo sikaZungu sokunqaba ukufakwa esikimini ngoba esabela ukulimala,” usho.

Uqhubeke wakhuluma ngokushuba kwesimo eChloorkop njengoba ngesonto eledlule ukaputeni weqembu uRamahlwe Mphahlele ekhishwe ebhasini ebelibheke esikhumulweni sezindiza kubangwa indaba yenkontileka yakhe.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iLANGA.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...