'Kubalulekile ukuba iChiefs ikhohlwe yimiphumela edlule'

2017-04-29 14:15

Johannesburg - IChiefs izobhekana neqembu laseTshwane emdlalweni obalulekile wase-Absa Premiership njengoba ifuna ukubuyisa izinduku kulandela ukushaywa yiCape Town City phakathi nesonto.

IKaizer Chiefs yaphinde yakhishwa yiSuperSport emqhudelaneni weNedbank Cup kanti uMaponyane uthi kubalulekile ukuba ikhohlwe yimidlalo edlule abangayiwinanga.

“Ngicabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukuba bakhohlwe ukuthi behlulwa, ngoba lezi zinto ziyenzeka,” etshela iSoccer Laduma.

“Futhi kuzomele bathathe okuhle okwenzeka bedlela neCape Town City nangesikhathi bedlala neSuperSport kwiNedbank Cup. Ukwehlulwa kwabo kumaphenathi yinto abangeke besakwazi ukwenza lutho ngayo.”

OLUNYE UDABA: Uthi kubalukile ukuwina nokuwina kabi ukuze uthathe iligi

UMaponyane uphinde waphawula nangeqhaza likaStuart Baxter, kulo mdlalo.

“IChiefs yazi lukhulu ngaye (uStuart Baxter) futhi uzoya kulo mdlalo efuna ukuwina, kanti bona kuzomele basebenzise lokho abakwaziyo ngoStuart ukuze bawine,” kusho uMaponyane.

“Kusho ukuthi kumele bakwazi ukuphuma kulo mdlalo nalokho abakufunayo.”

Umdlalo walamaqembu kulindelek uqale ngo-18:00 eMbombela Stadium.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...