Konke kuvuna iDowns kwiCaf

2017-07-02 17:00

Durban - Isahlalelwe umsebenzi omkhulu iMamelodi Sundowns edlulele kuma-quarter final eCaf Champions League, kubika ILANGA.

Ibuye namaphuzu agcwele ekuhambeni inqoba iSaint George yase-Ethopia ngo-1-0 wegoli lika-Anthony Laffor ngomzuzu ka-85 emdlalweni ka-group C e-Addis Ababa Stadium.

UDenis Onyango weDowns uphenduke iqhawe kulo mdlalo ebamba iphenathi ngomzuzu ka-45 edalwe u-Anele Ngconga obambe ibholangesandla.

OLUNYE UDABA: Usazilolonga nomptha beligi osefuna ukushiya

Yize idliwe iSaint George kodwa ukwesekwa kwayo kakhulu uma idlalela ekhaya kuphonsela inselelo iDowns njengoba yona ibukelwa ngabalandeli amayingcosana ekhaya.

Inkundla phela kulo mdlalo ibigcwele phama, kubonakala ukuthi ibhola yinto yakhona, nokusho ukuthi iDowns isahlalelwe umsebenzi omkhulu wokuheha abalandeli enkundleni. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...