Komphela: Kumele ajeze umqeqeshi we-Acornbush

2017-04-11 11:01

Cape Town – Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ufuna ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ijezise kanzima umqeqeshi we-Acornbush United, uMacDonald Makhubedu, ngokuthela ngehlazo umdlalo webhola.

UKomphela – nobekhuluma ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu emqhudelwaneni weNedbank Cup – unxuse iPSL ukuthi ijezise kanzima iphinde ihlawulise uMakhubedu ngokugxeka amaGlamour Boys ngemuva kokuthi eshaye leli qembu elincane ngo-2-1 ngeSonto.

“Ngicabanga ukuthi iPSL kumele ithathe izinyathelo. Abanye bethu thina baqeqeshi bakhuluma udoti omningi ngoba siyazi ukuthi asizukujeza,” kusho uKomphela.

“Kumele ajeze ngalokhu akushoyo. Laba bafowethu kumele babekwe amacala, kwaphela nje, sebephumile emugqeni!

OLUNYE UDABA: Sifuna ukuyiwina le nkomishi: OweChiefs

“Lesi akusiso isithombe sezinga labo lobuhlakani, isithombe senye into ngale kobuhlakani,” kusho uKomphela obebonakala ukuthi udinwe uyaqhuma.

Engxoxweni yangemuva komdlalo uMakhubedu ugxeke kakhulu ukuba phansi kwezinga kuChiefs, wathi ayikho into efundwe abadlali bakhe kulo mdlalo.

“Wonke umuntu uzele ukuzobona iqembu elikhulu ezweni base babuka le nto,” kusho uMakhubedu . “Kahleni bakwethu, abafana bami abafundanga lutho namhlanje.

“Bengifuna bafunde, akuthelanga zithelo kumina njengomqeqeshi futhi bengifuna ukusebenzisa lo mdlalo ukuzilungiselela ama-play-off.

“Uma ngabe leli kuyiqembu elikhulu kunawo wonke ezweni, iqembu lesizwe alisoze lashaya iLesotho ngoba uma laba kungabadlali abakhulu sisenkingeni enkulu,” kuphetha uMakhubedu. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...