Kaizer Motaung: Ngadlalela iPirates ngina-16

2017-04-21 16:00

Cape Town – USihlalo weKaizer Chiefs ophinde abe ngumsunguli wayo, uKaizer Motaung, usechaze kabanzi ukuthi waqala kanjani ukudlala ibhola kwi-Orlando Pirates ngesikhathi esesemncane.

Ngemuva kokushiya iBucs, wabe esesungula amaGlamour Boys ngonyaka ka-1970 njengoba leli qembu selithathwa njengelikhukazi eNingizimu Afrika.

Kodwa-ke konke lokho kwakungeke kwenzeke ukuba kuthiwa uMotaung akazange ayishiye iPirates ngesikhathi eyishiya.

OLUNYE UDABA: I-Chiefs inxuse abalandeli ukuba bahloniphe uMotaung

“Ngadlalela iqembu lokuqala lePirates ngineminyaka engu-16 ubudala,” utshele i-website yeKickOff.

“Ngangiseqenjini labancane kuPirates kodwa sengina-16 ngagcina sengiseqenjini lokuqala.

“Ngesikhathi ngidlalela iPirates kuSA Soccer League kwaba nokungqubuzana ngoba ngangiphinde ngidlalele i-Orlando High School, nayo eyayixhumene nokudlala lapho, kodwa ku-second division.”

Ngenxa yokuvutha kwakhe engabaselwe, uMotaung wagcina ethathwe yiqembu eligijima kwi-North American Soccer League, i-Atlanta Chiefs, nalapho aqokwa khona njengomdlali ovelele wonyaka ngesizini yakhe yokuqala.

Lokhu kudlala kwakhe kuChiefs yikho kanye lokhu okwaholela ekutheni aqambe iqembu lakhe ngayo, kodwa wabe esefaka negama lakhe lokuqala eqaleni njengoba namhlanje kuneqembu okuyiKaizer Chiefs.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...