Izowina ngo-3-1 iPirates - Inkakha

2017-10-20 11:00

Johannesburg - Inkakha ye-Orlando Pirates, uThabo Mngomeni, inethemba lokuthi iBhakabhaka lizowunqoba umdlalo walo olandelayo neKaizer Chiefs.

Kulandela ukudlala ngokulingana ngo-1-1 bebhekene nePlatinum Stars ngoLwesithathu ebusuku, iBhakabhalka seligxile emdlalweni walo olandelayo neChiefs.

UMilutin Sredojevic nabafana bakhe bafuna "ukuvuka" ngeChiefs, kwazise sekuphele imidlalo emithathu bengawini.

IPirates ngemuva kokushaywa ngo-1-0 yiBidvest Wits, kwalandela umdlalo owaphela ngo-2-2 bedlala nePolokwane City nophele ngo-1-1 bedlala neDikwena.

OLUNYE UDABA: Uxolisile oweDowns ngekhadi elibomvu

UNgomeni uphinde wachaza ngesimo abadlali ababhekana naso kulo mdlalo omkhulukazi kweye-PSL.

“Enye yezinkinga ezinkulu emdlalweni womkhaya ukwesaba novalo. Noma ngabe ubani ongena kuqala egiyeni uzonqoba. Uma kuthatha isikhathi eside ukungena egiyeni ubasenkingeni."

UNgomeni utshele iSoccer Laduma ukuthi lo mdlalo uzowinwa yiPirates ngo-3-1. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...