Izowina iPirates uma isidlala neSundowns - Cheeseboy

2017-11-01 12:29

Johannesburg - Owayengumdlali we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, uLebohang Mokoena, uthi iBhakabhaka lizothatha amaphuzu amathathu emdlalweni wakusihlwa phakathi kwalezi zinkunzi zaseGauteng ozoba se-Orlando Stadium.

‘UCheeseboy’ wadlalela iPirates phakathi kuka-2003 no-2009 ngaphambi kokuya eChloorkop ukujoyina iDowns, nokuyilapho anqoba khona izicoco ezimbili zeligi, kodwa wayephazanyiswa kakhulu ukulimala.

Nakuba ethi indaba yokuthi ubani osefomini ayisebenzi emidlalweni emikhulu njengalona, uMokoena ubona ukuthi iPirates izodlula kwiDowns engenzi kahle selokhu yakhishwa emqhudelwaneni weCAF Champions League.

"Okwamanje abantu abaningi bathi iPirates izowina ngenxa yendlela edlala ngayo, kodwa ngeke waba nesiqiniseko sokuthi yini ezokwenzeka. Nakuba kunjalo, ngicabanga ukuthi kuzowina yona iPirates kulo mdlalo,” usho kanje ekhuluma kwiKickOff.com.

OLUNYE UDABA: Ngabe unozinti weChiefs iyayishiya le kilabhu

"IPirates iyikilabu esiqala ukwenza kangcono. Izinto seziyahlangana ngemuva kwesizini edlule, imiphumela sebeyayithola.

“Ngakolunye uhlangothi iSundowns ayinakho ukuzethemba. Yashintsha selokhu yakhishwa kwiChampions League. Iyabanda iphinde ishise."

UMokoena uthi iPirates ayikakhohlwa ukuthi yehlulwa ngo-6-0 idlala neDowns eLoftus ngesizini edlule, ngakho izobe ifuna ukuziphindiselela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...