IZITHOMBE: IWits isiyethule ijezi elisha lesizini ka-2017/18

2017-08-01 14:06

Cape Town - IBidvest Wits isiyethule amajezi ayo amasha okudlala imidlalo yasekhaya kanye neyangaphandle ngesizini ezoqala ka-2017/18 njengoba labo mpetha bePremier Soccer League (PSL) bezobe bebheke ukuvikela isicoco sabo.

Ukwethulwa kwaleli jezi kwenzeke esithangamini sabezindaba nalapho abadlali abasha bamaClever Boys beye badlubha leli jezi elisha lika-2017/18 neliyimibala leli qembu elaziwa ngayo, okungumbala omhlophe kanye nokuhlaza.

UGavin Hunt wethule laba badlali abasha nalapho ephinde wagcizelela ukubaluleka kokuthi bangalehlisi izinga kulandela ukuthatha isicoco seligi ngesizini edlule.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: ISundowns yethule ijezi lokuhamba nelasekhaya

“Ikilabhu enkulu njengathi kufanele ithathele phezulu wonke umdlalo ngamunye futhi iwuthathe njengowamanqamu wendebe,” kusho uHunt.

“Sihlale sizama ukuthuthukisa isikwati sethu, nakanjani sifuna okuningi."

Umdlali osanda kusayinwa yiziTshudeni, uSteven Pienaar, uthi useyaqala ukujwayela kuleli qembu kanye nendlela elidlala ngayo.

IWits izodlala umdlalo wayo wokuqala wokuncintisana kule sizini uma isidlala kumqhudelwano we-MTN8  neLamontville Golden Arrows ngomhlaka-11 ku-Agasti enkundleni yezemidlalo iBidvest Stadium.

Lo mdalo uzoqala ngo-20:00 ebusuku. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...