IZITHOMBE: IWits ibungaza ukunqoba isicoco sePSL

2017-05-18 11:02

Cape Town – Kube yintokozo yodwa kuBidvest Wits ngesikhathi ithatha isicoco se-Absa Premiership kulandela ukubhaxabula iPolokwane City ngo-2-0.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi elinye iqembu ebelibheke ukuthatha isicoco seligi, iMamelodi Sundowns, ibambane ngo-2-2 neMaritzburg United ePitoli.

OLUNYE UDABA: Inhlokomo kuTwitter iWits ithatha iligi

Umqeqeshi weWits, uGavin Hunt, wengeze isicoco sesine seligi njengoba eseke wasithatha izikhathi ezintathu ngaphambilini neSuperSport United.

Emdlalweni wokugcina, amaClever Boys azotholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni wokugcina eFNB Stadium ngesonto elizayo ngoMgqibelo, nokuyilapho inkomishi iyobe isinikezelwa ngokusemthethweni kuWits.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00.

Zibonele ezinye zezithombe zeWits ibungaza ukunqoba kwayo iligi lapha: 

Izithombe:  ngabakwa-Gallo

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-24°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...