IZITHOMBE: ISundowns yethule ijezi lokuhamba nelasekhaya

2017-07-03 11:07

Cape Town – Inkampani ebambisene neMamelodi Sundowns ngokusemthethweni ekwenzeni imifaniswano yaleli qembu, iPUMA, yethule amajezi amabili aleli qembu, okungelokudlala imidlalo yasekhaya kanye nelokudlala imidlalo yasekuhambeni ngesizini ezayo ka-2017/18.

OyiCommunications Manager yeMamelodi Sundowns, uThulani Thuswa, uthi ngaleli jezi bahlonipha abalandeli babo abathembekile nabebelokhu bekhuthaza iqembu ngezikhathi ezinhle nezinzima.

OLUNYE UDABA:Konke kuvuna iDowns kwiCaf

Ijezi lokudlala laleli qembu lishaya ngobuchwepheshe obaziwa nge-ACTV THERMOR, nobufakwa ngokucophelela ngaphambili kanye nangemuva ejezini ukuqinisekisa ukuthi abadlali bayakwazi ukugcina ukubanda nokushisa kusezingeni elifanelekile lomdlalo.

UThuswa uthi abadlali babo bazozizwa njengabadlali abaphezulu ngaso sonke isikhathi uma ngabe bengena enkundleni.

AmaBrazilians azokhombisa ngaleli jezi uma ngabe esedlala ne-AS Vista  emdlalweni weCAF Championship ngomhlaka-7 kuJulayi 2017.

Leli jezi leMamelodi Sundowns lizoqala ukuthokala ngomhlaka-3 July (kusasa) ezitolo zakwaPUMA nalapho lizobiza khona u-R799 kanti kwezinye izitolo khona lizoze liqale ukutholakala kusukela ngo-Agasti. 

Zibonele lama jezi amasha eMamelodi Sundowns ngezansi: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...